Namhlanje usuku olukhulu kakhulu lapho sigubha khona usuku lwabadala bethu ngaphansi kwesiqubulo esithi, "Sibungaza iminyaka eyishumi yabantu abadala esizweni esibandakanya wonke amazinga."
Angisho ukuthi nakuba ziseziningi iznselelo ezibhekene nazo singuMnyango ukusiza abantu abadala, njengokuthi kwezinye izindawo basahlukunyezwa ngezindlela ezahlukene. Siyazi ukuthi ngenxa yokuxinwa imisebenzi bagcina ogogo nomkhulu bebahambise ezikhungweni ezibhekelele abantu abadala ukuba babhekwe kulezi zindawo. Siyayithola imibiko ethi abanye bagcine bengasazihluphi ngokubavakashela noma ukubathatha bavakashe emakhaya. Siyakhukhuza lokho ngoba kuyinto embi kakhulu.
Angiphinde ngisho ukuthi asiwukhuthazi lowo mkhuba okubahambisa kulezi zikhungo; kodwa uma kungasekho okungenziwa kungcono khona ayiswe khona kunokuthi ahlukumezeka. Ngenxa yokuthi uMnyango wami uyazihlupha kakhulu ngenhlalakahle yabantu abadala. Yilesi sizathu lo Mnyango ususungule izikhungo ezingu-461 ezinikeza usizo kubantu abadala abangu 25 215 kuthi abangu 6 309 bazibandakanye ezinhlelweni zokuzivocavoca ezitholakala kulezi zikhungo.
Kanti angisho ukuthi ukuzivocavoca kubaluleke kakhulu ukuze ningangenwa kalula izifo. Ukuze nibone ukuthi uMnyango ngisho kuZwelonke ufuna ukunibona nihlale niphilile ngenxa yokuzivocavoca, sekuhlelwe imidlalo ezokuba sePort Elizabeth lapho kuzoba kuqhudelwana ogogo nomkhulu abaqhamuka kuzo zonke izifundazwe, kuzobe kudlalwa imidlalo eyahlukene kanti ngiyaninxusa nani ukuthi ningenele kwazi bani mhlawumbe nobuya nenkomishi.
Angikholwa ukuthi seningahlulwa yizalukazi eziqhamuka kwezinye izifundazwe. Le miqhudelwano izoba mhla ka 27 kuze kube umhla ka 29 October 2009. Ngicela ningithembise-ke ukuthi niyofike niwine. Ngaphandle kwalezi khungo ezingaphansi kwethu kunezikhungo esizixhasa ngezimali ezingu 53 ezinikeza usizo kubantu abadala abangu-3 534.
Siphinde sikhokhele oSonhlalakahle abangu 64 abasebenza kulezi zikhungo. Angisho ukuthi zisekhona kona izingqinamba esisahlangebazana ukunikeza usizo ngokuphelele kubantu abadala, njengokuthi ezindaweni ezisemakhaya kunzima ukunikeza usozi lwama-Luncheon Club ngenxa yokuthi azikho izikhungo zokwenza lo msebenzi njengamahholo, amasonto uthola ukuthi akude kakhulu abantu abadala bagcine bedikibele bengayi ngoba bebona ibanga abazolihamba.
Kafushane nje uma nginganivezela esikwenzayo kubantu abadala kule ndawo kuphela sinezindawo ezingu 50 ezinikeza usizo kubantu abadala abangu 2 292.
